Izindaba

Kuboshwe inkosi ngelokubulawa kwekhansela le-DA

ITHIMBA eliphenya ngokubulawa kosopolitiki libophe ababili ngokubulawa kwekhansela le-DA, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.

UNdlovu wadutshulwa wabulawa ngoDecember 2023 emzini wakhe eMpophomeni, eHowick.

Kwababoshiwe kukhona nenkosi eneminyaka ewu-56 nomunye umsolwa ona-26.

Laba bobabili bazovela eNkantolo yeMantshi yaseHowick kusasa ngoLwesine.

Bazohlanganyela nabasolwa ababili, abake baboshwa phambilini babekwa amacala okubulala.

Bazobe bebhekene namacala okwakha itulo lokubulala, elokubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.