Kuboshwe inkosi ngelokubulawa kwekhansela le-DA
ITHIMBA eliphenya ngokubulawa kosopolitiki libophe ababili ngokubulawa kwekhansela le-DA, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
UNdlovu wadutshulwa wabulawa ngoDecember 2023 emzini wakhe eMpophomeni, eHowick.
Kwababoshiwe kukhona nenkosi eneminyaka ewu-56 nomunye umsolwa ona-26.
Laba bobabili bazovela eNkantolo yeMantshi yaseHowick kusasa ngoLwesine.
Bazohlanganyela nabasolwa ababili, abake baboshwa phambilini babekwa amacala okubulala.
Bazobe bebhekene namacala okwakha itulo lokubulala, elokubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

