Oshayasibhamu baqhulule inqwaba yezinhlamvu kumshayeli waseMlazi
SEKUDUTSHULWE ngoyaba lwezinhlamvu indoda oneminyaka engu-50 yashona esigcemeni sakwa-Q eMlazi ekuseni.
Ngokolwazi lwamaphoyisa, le ndoda ibihamba ngemoto iya emsebenzini kuMayibuye Drive ngesikhathi ihlaselwa oshayasibhamu.
Bamdubule bephindelela kwase kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.
Amaphoyisa athi kuyaphenywa imbangela yokubulawa kwakhe kanti abasolwa bayathungathwa.

