Izindaba

Ufungiswe ngempumelelo uCachalia kwesokubamba emaphoyiseni

USOLWAZI Firoz Cachalia ufungiswe njengebamba likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa.


Lokhu kuza ngemuva kokuthi uSenzo Mchunu enikwe ikhefu eliyisipesheli ngesikhathi uLt General Nhlanhla Mkhwanazi edalula ubudlelwano bakhe nabasolwa ngobugebengu obunjengoVusi Cat Matlala noBrown Mogotsi.


Ngemuva kokufungiswa, uCachalia uphawule ngodaba lokusebenza kwamaphoyisa phambi kwabezindaba.


Uthe akakholelwa neze ekusetshezisweni kwendlakadla uma kubhekwene nezigilamkhuba njengoba ekubona kungayisombululi inkinga yobugebengu.