Kufunwa olaxaze ingane ngenxa yesoka elisha elizomlobola
KUDUMA amakhanda kwabesifazane abashiywe nengane abangayazi ngoba unina esenesoka elisha nelisha amashushu ukumlobola.
Ithimba lakwaReaction Unit South Africa (RUSA) libikelwe ngabadayisa emgwaqeni eVerulem ngengane eshiywe kubona ngowesifazane ozibize ngoSne.
Abadayisi bathe uSne bamjwayele ngokuthi baxoxe naye uma ezothenga edolobheni.Â
Bathi ngayizolo uSne ubehamba nendoda abangayazi, wacela laba besifazane ukuba babambe indodakazi yakhe, wethembisa ukubuya ngokushesha.
Kuthe ngokushona ilanga bethi bayamfonela wathi usendleleni uya eHluhluwe nesoka elisha bayoxoxisana ngezamalobolo.
NgoLwesihlanu abadayisi basemgwaqeni baphinde bamfonela uSne wathi ukwaMhlabuyalingana kodwa uyabuya.
Emva kwalokho ucingo belungasangeni, lucishiwe.
Ngokusho kwabadayisi, uSne ushiye ingane ne-apula, ubhanana namashibusi kuphela.

