Izindaba

Uwaqedile amavolontiya ewaheha ngomkhuleko maqede awadlwengule

UBEHEHA amavolontiya esifazane ngomthandazo nengentshumayelo maqede awadlwengule umfundisi olahlwe yileli cala.

UConfidence Monyela (39) ugwetshwe yinkantolo yemantshi yaseNaphumo ngokuzitika ngamavolontiya aneminyaka eqala ku-14 kuya ku-17 kusukela ngo-2016 kuya ku-2017.

Inkantolo izwe ukuthi uMonyela ubemema amavolontiya ezinkonzweni zasebusuku ukuze azothola izintshumayelo zomoya  oyingcwele.


Ubewajikela emva komthandazo onamandla awadlwengule abese ewasabisa ngokuthi angatsheli muntu ngoba uMoya oNgcwele uzowabulala uma engayithobeli imiyalelo.

Ngo-2017, esinye sezisulu saba nesibindi sokutshela usonhlalakahle owabe esebikela abazali besisulu ngokwakwenzeka. 


UMonyela ugwetshwe odilikajele ababili neminyaka egu-35.