Izindaba

Kushaqwe amaphoyisa ayishumi asolwa ngenkohlakalo

SEKUBOSHWE amaphoyisa ayishumi ngezinsolo zenkohlakalo nokweba okubandakanya izimpahla ezishaqiwe

Kulama phoyisa kubalwa aw- 4 eSouth African Police Service (SAPS) namalungu awu-6 oMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseKurhuleni (EMPD).

Ukuboshwa kwabasolwa kwenziwe ngabe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) esiteshini samaphoyisa e-Edenvale.


Lawa maphoyisa asolwa ngokushaqa amabhokisi kagwayi wenani eliphezulu angaba ngu-R150 000, imali engu-R35 000 namaphakethe amathathu e-Panado ebiza cishe u-R5 000.

Bonke lobu bufakazi abukho nobubodwa obufakwe encwadini yobufakazi.