Izindaba

Akhale ngendelelo amakhosi alaxaze iMK Party

IQEQEBANA lamakhosi seliqede ubudlelwano ebelinabo noMkhonto WeSizwe Party.


Ubuholi beTransval Kingdom State of Monarch buveze ukungahloniphi kweqembu kanye nomholi walo, owayenguMengameli Jacob Zuma, njengesizathu sabo esithathe isinqumo sokunqamula isigubhukane ubudlelwano neqembu.

Esitatimendeni abasikhiphile baveze izigameko ezimbalwa kodwa esishayele isipikili kube ngesakule nyanga ka-August.

Aveze ukuthi kwavunyelwana ngommhlagano kodwa kwagcina senokuxhumana okukhombise ukungahleleki nokugcine ngokuthi amakhosi esefikile eNkandla kodwa yena uZuma kwatholakala ukuthi akekho.