Izindaba

Bagwetshwe udilikajele ababulali besikhulu saseMnambithi

KUBALWA uzakwabo wowayeyisikhulu esiphezulu kumasipala i-Alfred Duma njengongqondongqondo kwitulo nokubulawa kwaso.

U-Oscar Hlatshwayo wabulawa ngoyaba lwesinhlamvu ekuseni elibangise emsebenzini kanti uzakwabo uNomaswazi Shabalala wagonyuluka ngalesi senzo eNkantolo ePhakeme eMadadeni.

UNomaswazi wayehlangene noMondli  Mabaso, Mduduzi Njuza noNqobile Brown Ngcobo agwetshwe nabo udilika jele umuntu ngamunye.

Ukubulawa kukaHlatshwayo kuveze ukuthi kuhlobene ngqo nesikhundla sakhe kanye nenkohlakalo ngaphakathi kumasipala.

UHlatshwayo walalelwa unyendle endleleni, wadutshulwa waze washona ngo-2019.