Kumbhedele owabulala umfowabo ngenxa yokufeyila esikoleni
UGWETSHWE iminyaka engu-75 umlisa owabulala amalungu amathathu omndeni wakhe ngenxa yokufeyila komfowabo.
UCevyn Kemp waseBishop Lavis uwavume wonke amacala okubulala abekwe wona.
INkantolo yesiFunda yaseParow, eKapa izwe ukuthi uKemp waqala wagqema umfowabo ngesitini ngemuva kokubanga ukufeyila khwakhe esikoleni.
Walandela ngonina owayebuya emsebenzini nobabekazi wakhe, esebenzisa isitini esisodwa.
UKemp wabulala umfowabo ngemuva kokuxabana ngemiphumela yesikole yesisulu.
Waphinde wabulala unina ebuya emsebenzini, wabe esebulala u-anti wakhe ngemva kokuba ezofuna unina nomfowabo.

