Kujike izinto inyathi ibulala umzingeli wase-USA
KUPHENDUKE amatafula ngesikhathi usozigidi waseMelika ebulawa yinyathi akade ehlose ukuyibulala eKapa.
U-Asher Watkins (52) waziwa ngokuzingela nokubulala izilwane ngenhloso yokuchoma.
Kuthiwa kube sengthi ishiywa yigazi inyathi yavele yamkhahlela maqede yamgxoba kabili kathathu walala amankeyane.
UHans Vermaak weCV Safaris ehlele lolu hambo ukhiphe isitatimende ekhala ngokufa kwekhasimende lakhe.
” Kungokudabuka okukhulu nezinhliziyo ezibuhlungu siqinisekisa ukushona kabuhlungu kwekhasimende lethu kanye nomngani wethu u-Asher Watkins wase-USA,” kusho uVermaak,

