Kumbhedele ozitike ngomahosha abathathu engenamali
UBANJELWE isithuthuthu somsebenzi umlisa ozitike ngomahosha abathathu ubusukubonke wasehluleka ukubakhokhela.
Ithimba lonogada bakwaReaction Unit South Africa (RUSA) libike ukuthi kubonakale abesifazane ababili bephusha isithuthuthu namuhla abasibambe kule ndoda ehluleke ukukhokhela injabulo.
Uma behlatshwa imibuzo bazethule njengomahosha abamkatshuvomvu abaphicwe yindoda ebino-R100 kuphela esikhundleni sikaR300 wenkokhelo.
Bathe izolo ngoLwesine bebedayisa bebathathu bathola ikhasimende ebelingumshayeli wesithuthuthu lacela ukuzitika ngocansi nabo, bavuma.
Uma sekufanele akhokhe umlisa uveze u-R100 base-ke bona bebamba ukhiye weskuta ngesikhathi ikhasimende liyofuna imali yokubakhokhela ephelele.
Nakuba kungenelele abakwaRUSA kodwa akucaci noma inkokhelo bagcine beyitholile noma cha.

