Izindaba

Umsindo uGayton Mckenzie ebiza abamnyama ngamagama anenzondo

KUMSHUBELE umholi wePatriotic Alliance (PA) okuvele imibhalo yakhe yaphambilini ebiza abantu abamnyama ngamagama anenzondo eqondise kwabamnyama.

UGayton McKenzie usolwa ngokubhala ezinkundleni zokuxhumana i-X ecwasa abamnyama futhi ebalulaza ngokusebenzisa amagama anenzondo aqondiswe kwabanmnyama.

Lokhu sekwenze adlanga amazwi abamfuna ephumile esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezamaCiko nezeMidlalo kuleli.

I-Action SA isilufake kwiKhomishana yamaLungelo Abantu lolu daba njengoba ithi : “ukucwasa ngokwebala nokululaza noma yimuphi umuntu akunandawo eNingizimu Afrika.”