Ufuna ibheyili osolwa ngokudlwengula aze azalise indodakazi
LIBUYELA enkantolo icala likababa owadlwengula waze wazalisa indodakazi yakhe.
Ngokombiko woPhiko lwezokuShushisa kuleli le ndoda (39) iqale ukugila indodakazi isaneminyaka ewu-15.
Kuvele ukuthi unina wayesesontweni ngesikhathi le ndoda ibiza indodakazi eyayidlala emnyango yayikhiyela ekameleni yayidlwengula.Â
Kuthe uma unina ebuya wayibona ikhala indodakazi yamtshela ukuthi uyise uyidlwengulile kodwa wangayikholwa.Â
Uyise uyiphinde kaningi kodwa unina ethi inamanga yaze yagcina isithuli kanti isikhulelwe.Â
Unina wayiyisa emakhaya eLimpopo nokuyilapho ifike yabelethela khona yabe isiyovula icala waboshwa uyise.
NgoLwesibili kuzolalelwa isicelo sale ndoda sebheyili enkantolo yeMantshi yaseTsakani.

