Izindaba

I-NCC isola ipolitiki eshibhile odabeni lukaMcKenzie

INHLANGANO yamaKhaladi i-National Coloured Congress (NCC) ikugxekile lokho ekubiza ukuhlaselwa kungqongqoshe obize abantu abamnyama ngegama elinenzondo eliqala ngo-K.

Kulezi zisuku uNgqongqoshe wezamaCiko nezemiDlalo uGayton McKenzie usolwa ngokululaza nokuhlambalaza ngemuva kokuvela kwemibhalo yakhe kuX.

I-NCC ithi  uMcKenzie akayena umuntu obandlululayo futhi izomeseka kuze kube sekugcineni. Isola ipolitiki eshibhile esetshenziswa ngabathile.


UMcKenzie uxolisile kodwa abaningi bathi abalwamukeli ngoba aluhambisani nokuzisola.