Amaphoyisa aphawula ngezandla ‘zomuntu’ ezitholakale esigangeni
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athi izandla ezinqunyiwe ezitholwe eceleni komgwaqo ngaphandle kwesikole samabanga aphansi eTrenance Park, eVerulam, ziwumbombayi zakhiwe ngerabha.
“Ngemuva kophenyo lokuqala, kutholakale ukuthi izandla ezitholwe namuhla eTrenance Park eVerulam, empeleni ziwumbombayi,” kusho okhulumela amaphoyisa e-KZN uLieutenant Colonel Paul Magwaza.
Udaba lwezandla luqhamuke ngemuva kokuthi uPrem Balram, inhloko yakwaReaction Unit South Africa (Rusa), ethe lolu phiko luphendule ucingo oluvela kumsebenzi obeletha amaphepha.
Umsebenzi lo kuthiwa ubike ukuthi ubone izitho zesilwane noma zomuntu zigoqwe ngendwangu emhlophe enegazi.

