Badutshulwe amaphoyisa abasolwa ngohide lwamacala
SEKUFE abasolwa ngohide lwamacala abegilwa kuhlonyiwe.
Abasolwa ababili bafe esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eNanda.
Amalungu ethimba leNanda SAPS Task Team, Inanda Vala Group kanye neNanda Crime Prevention balandele la madoda emzini oseMaplazini khona eNanda.
Amaphoyisa aziyale ngokumemeza ezethula ukuthi asefikile kodwa avele abingelelwa ngenhlamvu ivela kubasolwa.
Kutholakale izibhamu ezingekho emthethweni.

