Izindaba

Kucishe kwaphuma isidumbu ngenxa kamashonisa osatshwayo

UZAME ukuzibulala owesifazane oxinwe kabi umashonisa ofuna inkokhelo ka-R100,000 ukuze akhokhe imali ayibolekiwe ka-R20 000.

Umbiko weReaction Unit South Africa (RUSA) uthi lo wesifazane wasePhoenix eThekwini, wayeboleke u-R20,000 kwasekuvunyelwana ngenzalo ka-50% kodwa umashonisa washintsha esikhaleni wathi isinyukele ku400%.


Umashonisa kuthiwa usabise lowesifazane ngokumthumela ngamadoda azodla imoto yakhe uma imali engayikhokhile. 


Lokhu kwenze wagcina ecwile ezikweletini waze washiya umyalezo kwasondelene nabo ecela bamgadele ingane yakhe ngoba uzozibulala ngokuziphonsa ebhulohweni.