Izindaba

Kugwetshwe inyanga ebilapha abesifazane amashwa ngokubalala

UGWETSHIWE inyanga ebiphinde izishaye samphrofethi obevukwa yisithunywa abholofidele abesifazane athi banamanzi amanyama maqede ibadlwengule.

UBongani Mafolela (24) uzobhadla ekhulukuthu iminyaka engu-15 ngamacala amabili ocansi ahlukene ango-2022 no-2024.

UMafolela wahlangana nezisulu ngokwehlukana kodwa ubevele avukwe yisithunywa athi zingabantu abadinga ukugezwa ngenxa yamanzi amanyama ezinawo.

Okulandela lapho wukuziyisa endlini yakhe athi azikhumule ukuze azigeze amashwa zicimezile.


Ubezikhohlisa ngokuthi uzokhiphe umoya omubi ngokufaka isandla sakhe ezithweni zakhe zangasese kanti useyazidlwengula.


INkantolo yesiFunda yaseMolopo  eNorth West imbone eyingozi emphakathini yamthola enamacala.