Izindaba

Kuphele ububhoklolo kuTrump ehlangana noPutin

KUHLALE obala ukuthi ngubani umakhonya emhlanganweni womengameli wase-USA nowaseRussia.


UDonald Trump ubukeke enganamandla nobubhoklolo ahlezi ebukhombisa ngesikhathi ehlangene noVladimir Putin e-Alaska.


Kulo mhlangano, uPutin uyalele uTrump ukuthi atshele abamazwe angaphansi kweNato ukuthi awaphume ezindabeni ze-Ukraine. 


Uphinde wamazisa ukuthi bayidinga ibuyele ngaphansi kweRussia i-Alaska njengoba ngokomlando kungeyabo. 


Nakuba uTrump kade ethe bazovumelana ngokuqeda impi ephakathi kweRussia ne-Ukraine kodwa lokho akwenzekanga nokuyinto esiphendule uTrump ihlaya.


Lo mhlangano ubukwe njengoxakile ngenxa yokuthi obekulindelekile okuthenjiswe uTrump akufezekanga.

Okunye okudide abezidaba wukuthi phambi kwabezindaba kube wuPutin okhuluma kuqala.

Lokhu kushiye izintatheli zikubona kuwuphawu lokuthi nguPutin okhonyayo njengoba ngomthetho bekufanele kukhulume uTrump kuqala.