Izindaba

Abamatekisi baphika eyokukalela abenikazi bezimoto isibalo sababagibelisayo

INHLANGANO emele imboni yamatekisi iSANTACO KwaZulu-Natal ithi kungamanga aluhlaza cwe ukuthi bayalela abantu ukthi bagibelise abantu abangaki ezimotwei zabo.

Lesi sitatimende siqhuba sixwayisa abantu ngemibiko engamaphunge ependa kabi imboni yamatekisi.

Ikhipha lesi sitattimende nje kunevideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho okusolwa ukuthi bangosomatekisi bayalela umlisa othwele abantu ukuthi akabehlise futhi bamsongela ngokumenza mnyama.

Ngaphandle kwalokhu, othisha bazikole zaseMnambithi basongelwe wusoseshini womalume iKlipriver Transporters Association ukuthi bayeke ukusiza abafundi ngokubagibelisa ezimotweni ngoba bazozibopha lezo zimoto.