Bashaqekile umfundi ezithanqaza phansi esuka esitezi
ISIKHUNGO semfundo ephakeme i-Durban University of Technology (DUT) isizwakalise ukushaqeka ngokushonelwa ngomunye wabafundi namuhla ekuseni.
Lesi sikhungo sikhiphe isitatimende siqinisekisa ukudlula komfundi okuthiwa uzithanqaze esuka esitezi sesihlanu wayophahlazeka phansi.
Ngesikhathi sokuloba amaphoyisa kuvele ukuthi aphenya ngalesi sehlakalo esizwise abaningi ubuhlungu.
I-DUT idlulise  amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nakubafundi ngokushona kabuhlungu komfundi.

