Izindaba

Usopolitiki uyalelwe ukuba axolise kuMbalula

U-Anele Mda usenqunyekwe ugwayi katiki wokuba asuse imibhalo eyehlisa isithunzi sikaNobhala Jikelele we-ANC.


Inkantolo eNkulu eGauteng ivune uFikile Mbalula yase iyalela uMda amahora angu-24 ukuthi asuse konke akubhalile okwehlisa isikhundla futhi okungamanga.

Ukuqhubeka nokushicilelwa kwalezi zitatimende kwathiwa akukho emthethweni.

UMda uphinde wayalelwa ukuba ahoxise izitatimende esidlangalaleni futhi akhiphe ukuxolisa okungenamibandela kuzo zonke izinkundla lapho okuthunyelwe kuvele khona.

Konke lokhu kungenxa yokuthi uMda wasola uMbalula ngokuthi wayebandakanyeka ekubulaweni kukaWandile Bozwana.