Uncategorised

Indida umlisa eziqopha nesidumbu sowesifazane

KUSHAQEKE abaningi indoda ethile ifaka ivideo enesihluku lapho kusolwa ukuthi ibulale khona isinqandamathe sayo.


IVideo esabalele ezinkundleni iveza umlisa osolwa ngokubulala intombi yakhe endaweni yokucima ukoma namuhla.


Lesi sehlakalo esihlasimulisa umzimba kuthiwa senzeke ejoyintini elaziwa ngeDubai eHammanskraal eGauteng.


Kusolwa ukuthi indoda ibulala intombi, ifake ama-video aphazamisayo ezinkundleni zokuxhumana uFacebook.


Iningi labaphawulile nokukholakala ukuthi bayamazi umsolwa baveze ukushaqeka bedalula nmokuthi yintombi yakhe le elele enganyakazi.


Ngemuva kwesikhashana, umsolwa uphinde wafaka enye i-video kuTik Tok, lapho evume khona icala.