Lisinde ngokulambisa ikhehla kwebiwa izimbuzi zalo
LIBONGWA ongabonwayo ikhehla elisinde lihlaselwa yizinswelaboya ebezihlomile eSmero eMgungundlovu.
UMandla Xaba (67) utshele iphephandaba iThe Witness ukuthi uvuswe ngovivi umsindo ophuma esibayeni sakhe sezimbuzi.
Uthe ethi uyaphuma wazithela komunye wabaphangi emi ekhoneni lendlu ovele wamubamba ngqi.
” Wangikhomba ngesibhamu. Ngazama ukusibamba, kodwa wangehlula maqede wangishaya kabili ekhanda,” kusho uXaba.
UXaba uthe kwabe sekungenela isigebengu sesibili, wezwa omunye wabo ethi: “Le nja inenkani, kufanele ibulawe.”
Ube eseyalelwa ukuba alale phansi ngesisu futhi angababheki emehlweni.
Izinswelaboya zintshotshe inqwaba yezimbuzi zentengo ka-R17,500 kanti kukhona nebezikhulelwe.
Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uSergeant Sifiso Gwala ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokugebenga kuhlonyiwe ukuze kuphenywe.

