IzindabaUncategorised

Kushone iphoyisa elisolwa ngokuzama ukubamba inkunzi

KUFE iphoyisa kukholakala ukuthi belizama ukubamba inkunzi.

Abanye abathathu abebehamba nomufi bakhalelwe amasongo kaSigonyela.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eMpumalanga uBrigadier Donald Mdhluli uthe iqulu lamadoda abehlomile, abezenza amaphoyisa, avimbe abantu abebehamba ngeVW Polo abebeme emgwaqeni ukuze bazikhulule.

“Izisulu zikhonjwe ngezibhamu kwathiwa zilale phansi. 


Ngenhlanhla amalungu eSAPS Anti-Hijack Task Team kanye nabeMiddelburg K9 Unit bebezulazula endaweni njengengxenye yomkhankaso wokunqanda ukugebenga esifundeni.

“Amaphoyisa abone isigameko esolisayo abe esesondela endaweni yesigameko azichaza ukuthi angamaphoyisa.”

Abasolwa kuthiwa bavulele ngenhlamvu ngaphambi kokuba babaleke ngemoto emhlophe iDatsun Go.

Kube nokujahana ngesivinini esiphezulu, kwaze kwaphetha ngokuthi imoto ebibaleka ishayise isihlahla kuBhekumuzi Masango Drive.

Amaphoyisa avale ekhoneni abasolwa athola isidumbu somphenyi we-Pienaar SAPS oneminyaka engu-54 ubudala esihlalweni esingemuva emotweni.

“Iziphathimandla zikholelwa ukuthi leli phoyisa kungenzeka lilimale kabi ngesikhathi kuqhuma isibhamu, nakuba uphenyo lusaqhubeka.