Ezokokungcebeleka

Kusolwa usaziwayo ngokukhangisa imisebenzi ewumbombayi

USAZIWAYO uCyan Boujee ubhekene nezinsolo zokukhangisa ngemisebenzi yomgunyathi.

Le misebenzi kukholakala ukuthi ingagcina ifake abesifazane enkingeni yokushushumbiselwa emazweni aphesheya kolwandle.

Lezi zinsolo sezisuse intukuthelo enkulu ezinkundleni zokuxhumana.


Kuze kwangenelela okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwamaZwe kanye nokuBambisana uClayton Monyela oxwayise abesifazane.

UMonyela uxwayise abesifazane abasebasha, ukuthi baqaphe uma bephendula izikhangiso zemisebenzi ku-inthanethi.


“Sinxusa izakhamuzi ukuthi ziqinisekise ubuqiniso kwanoma yimuphi umsebenzi okunikezwayo, ikakhulukazi lawo akhuthazwa abantu abavelele emphakathini.

Ukushushumbiswa kwabantu  yinto ekhonafuthi imikhonyovu ivame ukucasha ngezithembiso zengcebo esheshayo,”