Izindaba

Sekusemome iqokwe imeya entsha eMpendle

KULINDELEKE ukuthi kubanjwe umhlangano womkhandlu lapho kulindeleke ukuthi kukhethwe khona imeya entsha kumasipala wwaseMpendle.


Umbikowe we-IOLĀ  uthi kuzoncika emhlanganweni ozobe uphethwe wubuholi besifundazwe ukuthi uqhamuke negama lomuntu ozokhethwa wumkhandlu.

Umgqugquzeli wethimba le-ANC esifundeni iMoses Mabhida, uNathi Mdladla ucashunwe yi-IOL ethiĀ ā€œSisesigabeni sokugcina sohlelo.


Ubuholi besifundazwe bube nomhlangano oyisipesheli ngoLwesihlanu lapho kuphothulwa khona uhlu lwamagama abazongenela ukhetho.”


Ngesonto eledlule kuvele ukuthi igama lombulali owalahlwa yicala, uRussel Ngubo (osesithombeni), liphakathi kwabathathu abebedingidwa yisifundazwe.Ā 


UNgubo kumanje unguSihlalo wegatsha le-ANC ku-ward 1, isikhundla asiphethe ngesikhathi egwetshwa ngo-2005. 


Walahlwa yicala wagwetshwa iminyaka engu-25 ngokubulala amalungu e-IFP ngesikhathi sodlame lwezepolitiki phakathi kwe-ANC ne-IFP, nokho, wadonsa iminyaka engu-12 kuphela wadedelwa ngoshwele ngo-2017.