Uzovela enkantolo umfundi ogwaze omunye ngesiheshe sommese
KUBOSHWE umfundi oneminyaka ewu-14 ngezinsolo zokugwaza omunye umfundi entanyeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseVerulam abophe umfundi ngecala lokuzama ukubulala umfundi oneminyaka engu-17 ngoLwesihlanu.
UNetshiunda uthe amaphoyisa abikelwe ngesigameko sokugwazwa esikoleni samabanga aphezulu eTrenance Park.
Nokho, ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, isisulu besesiphuthunyiswe emtholampilo.
Uthe kusolakala ukuthi laba bafana babe nokuhilizisana kwaze kwaholela ekutheni umsolwa agwaze ngommese lo omunye umfundi.
“Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko,” kusho uNetshiunda.

