Kudubuleke inqwaba kuhlaselwa osomatekisi erenki
SEKUPHALALE igazi esigamekweni sokudubula esenzeke erenke yamatekisi ekuseni.
Amaphoyisa aseqinisekise ukushona komgibeli oyedwa, kwathi abanye abathathu balimala kanzima.
Kuphinde kwadubuleka abashayeli bamatekisi abathathu kanti bonke abalimele baphuthunyiswe emtholampilo wendawo e-Phillipi East.
Kushaye isikhathi sokuloba kungakaboshwa muntu kodwa uphenyo luyaqhubeka.

