Izindaba

Umndeni kaMagaqa ulwa eyebheyili yomsolwa oqavile

SEKUVELE ukuthi abangani nomndeni kaSindiso Magaqa bafake isicelo sokuthi izinkantolo zinqabele uZweliphansi Sikhosana ibheyili.


USikhosana kubhekwe ukuthi kulalelwe isicelo sakhe sebheyili ecaleni lapho ekhonjwa khona ngokuba ngubhongoza ekufeni kukaMagaqa.

Bathi ubekwe amacala abucayi, futhi ibheyili kufanele ikhishwe ezimeni ezingavamile.

“Sekunezinsolo eziningi zokuthi amaphoyisa nepolitiki bathinteka ekuvikeleni abasolwa okubalwa noSikhosana ebulungiswa.


“Sikholwa ukuthi lokhu kungase kuqhubeke uma uSikhosana enikwa ibheyili futhi lokho kungase kuphazamise ubuqotho banoma yiluphi olunye uphenyo noma ithemba lokuthi uzoshushiswa ngempumelelo,” basho ohlwini lwezikhalazo.

USikhosana kuthiwa nguyena owafaka imali eyasetshenziswa ukuhlela ukubulawa kukaMagaqa ka-2017.