Izindaba

Usobishini owesifazane odlwengule umfana omncane

UBUYELA enkantolo owesifazane (24) obhekene necala lokudlwengula umfana omncane.


Libuya namuhla nje kungenxa yokuqhuebka kophenyo lwamaphoyisa kulolu daba oluhlukumeze kanzima umfana oneminyaka ewu-13.


Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu olwedlule esontweni okukhoseliswe kulona abantulayo eMusina Policing.


Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi isisulu sasizidlulela ngesikhathi sibizwa umsolwa. 


Umfana wangena ngaphakathi kodwa waxakwa wukubona umuntu wesifazane onqunu futhi olele phansi. 


Kuthe uma umfana esondela lowesifazane wagxuma wahlala kuyena wamdlwengulela eduze komgqomo kadoti. 


Owabonayo ethi uyolahla udoti wahlaba umkhosi kwabizwa amaphoyis waboshwa kanjalo.