Izindaba

Kubabhedele abasolwa ngokuqola abathengi kuFacebook

ABASOLWA abahlanu okukholakala ukuthi bayathinteka ekukhwabaniseni besebenzisa uFacebook bazovela enkantolo namuhla.

Laba basolwa basolwa ngokudoba abantu abafuna ukuthenga izimoto ekhasini elaziwa ngeMarket Place kuFacebook.


Babhekene namacala ahlanganisa ukuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanye netulo lokugebenga kuhlonyiwe.

Amaphoyisa abelandela umkhondo ngemuva kokuthi kunomuntu obezama ukuthenga iPolo Vivo ebikhangiswe kuMarket Place kuFacebook.


Umthengi ugcine edutshulwa, wabanjwa inkunzi ngabantu abecabanga ukuthi abadayisi bemoto. 

Isisulu esinganakile sahlangana “nabathengisi” eMidrand ngoAugust 4 kulo nyaka, nokuyilapho sabona khona ukuthi kwakuwumkhonyovu.isisulu sithinte amaphoyisa, sahambisana nawo nokugcine ngokuthi kube nokudubulana abasolwa bebhekise emaphoyiseni.