Ubanjwe ezitika ngendlwabu osolwa ngokuzama ukulala umshana
UTHOLWE eshaya indlwabu ebuka nefilimu locansi efonini umlisa osolwa ngokuzama ukuhlukumeza ngokocansi umshana wakhe.
Umbiko wophiko lonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) uveze ukuthi umsolwa uzikhuhle ngesitho sakhe sangasese kumshana wakhe wentombazane (12).
Umshana obekade ebuye esikoleni ngoba engaphilile, uphushe umalume wabaleka wayongena ekameleni wakhiya.
Kuthiwa umsolwa ubelokhu ememeza umshana ethi akavule umfuna ocansini kodwa wangavula umshana.
Ulinde kwaze kwabuya unina ekhaya wasemxoxela okumehlele.Â
AbeRusa bamnikele emaphoyiseni aseThekwini ngokushesha.

