Kuwashubele amaphoyisa ahambise umfundi kuMatric Dance ngeveni yomsebenzi
UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uyalele ukuthi amaphoyisa abonakale ehambisa umfundi ka-matric dance esebenzisa imoto yamaphoyisa e-Estcourt, amiswe kafushane emsebenzini.
Lokhu kwenzelwa ukuze kube nophenyo lwangaphakathi mayelana nokuziphatha kwawo.
La maphoyisa njengoba ebonakale kwi-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana abesemsebenzini ngesikhathi ethutha ingane yozakwabo eyisa emcimbini womdanso ka-matric.
Lokhu kulandela ukugxekwa kakhulu kwalamaphoyisa ngenxa yokudelela izibopho zokuhlinzeka umphakathi ngosizo.
“Sengiyalele uKhomishana wesifunda sasoThukela ukuthi enze isiqiniseko sokuthi umkhuzi wamaphoyisa athintekayo kumele awathathele izinyathelo eziphuthumayo zokuqondiswa kwezigwegwe.
” Ngeke sikwazi ukuthi sibe namaphoyisa azobika emsebenzini kodwa asebenzise izinsiza zikahulumeni ukuze azuze wona.
” Imiphakathi ihlale ikhala ngokuthi uma ibiza iziteshi zamaphoyisa itshelwa ukuthi awekho amaveni, amaphoyisa egcweleza nezinsiza zikahulumeni okuhloswe ngazo ukusiza imiphakathi,” kusho uLieutenant General Mkhwanazi.

