Umgosi

Basale dengwane kuteleka amatekisi

I-SANTACO imise ukusebenza ezingxenyeni ezithile zeGauteng okushiye izinkulungwane zabagibeli dengwane. 

Phakathi kwezindawo ezithintekile kubalwa iBenoni neKatlehong.

Lokhu kungenxa yoMnyango wezokuThutha eGauteng oqinisa isandla ekusebenzeni kwamatekisi ngokungemthetho

ISantaco ibe isikhipha isitatimende icacisa ukuthi lokhu akusho ukuthi azoma ukusebenza yonke indawo esifundazweni sonke.

Isitatimende sithe amatekisi azoqhubeka njengokujwayelekile kuso sonke isifundazwe, ngaphandle kwase-Ekurhuleni, lapho kumiswe khona isikhashana ukusebenza kwamatekisi ngenxa yokushaqwa kwezimoto ngamaphoyisa.

ISantaco ithi izingxoxo noHulumeni wesiFundazwe saseGauteng kanye noMnyango wezokuThutha kuzwelonke ziyaqhubeka ukuze kuxazululwe lolu daba.