Sekuboshwe osomatekisi abahlawulisa abahamba ngezimoto zabo
AMAPHOYISA kaMasipala waseKurhuleni abophe osomatekisi abahlanu abasolwa ngokuhlawulisa amalungu omphakathi ahamba ngezimoto zawo.
Ngokombiko weSowetan, abahamba ngezimoto zabo bebehlawuliswa phakathi kuka-R3 000 no-R6 000 ngosomatekisi baseTembisa ngokusebenzisa izimoto zabo ukuya enxanxatheleni yezitolo eseduze.
Kuthiwa bebephoqa wonke umuntu ukuthi asebenzise amatekisi, hhayi izimoto zabo noma izimoto i-e-hailing.
Okhulumela amaphoyisa uThabiso Makgato uthe la madoda aboshwe ngesikhathi ethatha ngenkani imoto yephoyisa likamasipala eMall of Tembisa ngesikhathi liyothenga igilosa.
“Iphoyisa likwazile ukucela ukuhlengwa kwaboshwa abasolwa abahlanu abaphakathi kweminyaka engu-26 no-30 ubudala.”
Ngokusho kukaMakgato, sekube nezikhalo eziningi ngeqembu elihlukumeza futhi lesabisa amalungu omphakathi, asebenzisa izimoto zawo uma ethenga enxanxatheleni yezitolo eTembisa.

