UCachalia ushaya amakhala ngophenyo lokubulawa kwabezepolitiki
IBAMBA likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uFiroz Cachalia usole uKhomishana kaZwelonke we-SAPS ngoku eyodaba lwethimba eliphenya ngokubulawa kwabezepolitikii.
UCachalia uthi “ukhathazekile” ngendlela aphawule ngayo uGeneral Fannie Masemola kwabezindaba izolo mayelana nokukhishwa kwamadokodo.
UCachalia uqhube wathi lolu daba akumele lusetshenzwe ngaphandle kweKhomishini kaMadlanga ezayo.Â
Manje ufuna umbiko ngethimba elijutshiwe kuMasemola.
Ukuphawula kukaCachalia kulandela ukuthi kuphenywe kabusha amadokodo athinta ukubulawa kwabezepolitiki avalwa ungqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe uSenzo Mchunu.

