Isililo kushona owamaPiano engozini enyantisayo
IMBONI yomculo isigubezelwe yifu elimnyama kudlula emhlabeni uDJ Poizen wodumo lomculo wamaPiano.
UDJ Poizen (33) udlule emhlabeni namuhla engozini enyantisayo ebandakanya izimoto ezimbili eyenzeke ezintatha zangoMgqibelo ku-N1 eduze kwentaba iYsterberg ngaphandle kwasePolokwane eCapricorn District.
Imibiko iveza ukuthi uPoizen ubehamba nozakwabo uChymamusique kulandela ukucula eMokopane ngayizolo.
Ngesikhathi sokuloba uChymamusique kubikwe ukuthi ulimele kabi kanti ulaliswe egunjini labagula kakhulu kwathi abanye bathola imihuzuko.

