Izindaba

Lizoshonele izinkabi ezabulala ngesihluku

UKUGIXABEZWA ngodilikajele neminyaka ewu-80 kwezinkabi eziyamaniswa namacala okubulala embonini yamatekisi kuthokozise abaningi.

Inkantolo yesiFunda yaseMgugundlovu igixabeze ngalesi sigwebo uMuzi Sibiya (42) noNduduzo Shezi (36), ngamunye ugwetshwe udilikajele kanye neminyaka engu-80 ehlanganiswe.

Laba bobabili batholwe benecala lokubulala nokubamba inkunzi ngesihluku.

USibiya noShezi behlangene nabanye abasolwa okungenani abane, bagasela eposini eTugela Ferry Mall eMsinga bagebenga abasebenzi isamba semali esingadalulwanga okwakuhloswe ngaso ukuhlomula abakwaSASSA. 


Baphinde bantshontsha nezimpahla zabasebenzi ababili, nejakhethi nomsakazo ophuma kabili kunogada.


Kuthiwa babaleka ngemoto nokwenzeka badubula ngephutha uNomusa Ntshele owayemi kulayini we-ATM eseduze washonela khona lapho.


Amaphoyisa aseMsinga alandela umkhondo walamadoda, uSibiya watholakala ecashe emgedeni ephethe ijakhethi eyebiwe, umsakazo, nengxenye yemali eyebiwe.