Ubuyela enkantolo oyamaniswa nokubulala ematekisini
LIHLEHLELE uLwesihlanu icala losolwa ngokuba yinkabi eyamaniswa nesigameko sokubulala ngesihluku embonini yamatekisi eMontclair.
Umsolwa, uQaphelani Nyawose (32) ubhekene necala lokubulala uMnu Mohammed Abdul Hammid, owadutshulwa ngoJuly 17 kulo nyaka.
Esitatimendeni esikhishwe yiHhovisi likaKhomishana wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika KwaZulu-Natal, uHammid nomkakhe babeyohlangana nosomatekisi othile owayemthembise imvume yokusebenza ukuze ajoyine usoseshini waseMontclair.
Ngesikhathi unkosikazi wakhe engena esitolo, uHammid wahlala emotweni yakhe iBMW eluhlaza okwesibhakabhaka.
“Kufike imoto iFord Ranger emhlophe ebinabagibeli abane bavulela ngenhlamvu bebhekise kuHammid. Kuthiwa washonela khona lapho,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.
Amaphoyisa asalandela imikhondo yabanye asbathintekayo.

