Kugqabuke igoda phakathi kweKaya FM nesilomo somsakazi
SESIKHONJWE esifike ngayo isilomo somsakazi weKaya FM.
IKaya FM ixoshe uSol Phenduka mayelana ‘namazwi ahlambalazayo’ ngoMinnie Dlamini kwesinye seziqephu zePodcast And Chill with MacG.
Uxoshwe nje kulandela uphenyo lwangaphakathi kulo msakazo nokuyinto eyamenyezelwa ngesikhathi emiswa ngo-August 20.
UPhenduka ubengumdidiyeli wohlelo lwasekuseni i#SizTheWorld noSizwe Dhlomo.
Esitatimendeni eside esikhishwe ngoMsombuluko, isikhulu esiphezulu seKaya FM, uDave Tiltmann, ukuqinisekisile ukuthi lesi siteshi siyinqamule inkontileka kaPhenduka ngokushesha ngemuva kokubuyekeza kwangaphakathi.
“I-Kaya 959 ayikwazi futhi ngeke ikuvune ukuphawula okwenziwe kwi-MacG Vodcast, lapho uSol Phenduka eyingxenye ebalulekile yethimba elethulayo,” kusho uTiltmann.
“Izinkulumo eziphambene nobulili ezishiwo ngomlingisi uMinnie Dlamini zazingamukelekile futhi azihambisani nenhlonipho okufanele itholwe abantu besifazane,” usho kanje.

