Kuqopheke umlando ngetekisi elindizayo
IZWE iRwanda isiqophe umlando ngokuba ngelokuqala ezwenikazi e-Afrika ukuba namatekisi andizayo.
Lokhu ikwenze ngokubambisena ne-China Road and Bridge Corporation (CRBC) ukwethula itekisi lokuqala lase-Afrika elindizayo likagesi elizihambelayo.
I-EH216-S pilotless eVTOL izokwethulwa okokuqala engqungqutheleni ye-Aviation Africa 2025 e-Kigali, okumaka inkathi entsha yokuhamba emoyeni emadolobheni e-Afrika.
Le ngqophamlando izojika izinto embinini yezokuthutha njengoba izokwenza impilo ibe lula kubagibeli.
Kwenzeka lokhu nje, elakuleli libhekene nenkiyankiya yesiteleka sabemboni yamatekisi nezisothikameza okuningi KwaZulu-Natal.

