Izindaba

Kuboshwe ‘abatholwe’ nezidakamizwa eHammarsdale

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal abophe amadoda amahlanu asolwa ngokuba yizigebengu eziyingozi elokishini laseMpumalanga, eHammersdale.

Lamadoda amahlanu atholwe nezidakamizwa nezibhamu ezithathu nezinhlamvu nezidakamizwa.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa akhiphe izincwadi ezigunyaza ukuthi aseshe adubula abasolwa abane kubo abatholakala endlini eyodwa.

“Batholwe nezibhamu ezintathu nezinhlamvu eziningi,” kusho uNetshiunda.

“Umsolwa wesihlanu utholwe endlini ewurawondi ohlukile kanti utholwe nesibhamu, izinhlamvu namaphilisi angu-150 e-mandrax,” engeza.

Iziphathimandla zikholelwa ukuthi leli qembu lihlobene nohide lokuphanga kanye nobugebengu obunodlame obuhlasele indawo yaseMpumalanga ezinyangeni ezedlule. 


Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMpumalanga kusasa ngoLwesihlanu babhekene namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukutholakala nokudayisa izidakamizwa.