Wamukelwe ngezimhlophe kwi-IFP owaduma kuKhozi FM
OZAKHELE igama engumethuli wezindaba kuKhozi FM usesebenzela iNkatha Freedom Party (IFP).
Izindaba zokuqashwa kukaFanele Mhlongo njengeSikhulu esisha sezindaba Nezokuxhumana seqembu zimenyezelwe yileli qembu.
UFanele, owake waba yintatheli nomfundi wezindaba kuKhozi FM ufika nesipiliyoni nobuchule endimeni yezokuxhumana nezokuxhumana.
Emsebenzini kaFanele omusha, kubikwa uzobhekana nokudidiyela nokugqugquzela yonke imisebenzi ye-IFP yezindaba nezokuxhumana, okuhlanganisa nokuphatha ubudlelwano nabezindaba kanye nokusingatha imibuzo.
Lokhu kuqokwa kuza njengoba i-IFP iqinisa ukugxila kwayo ekuqiniseni ukusebenza kwayo kwangaphakathi kanye nokuthuthukisa amandla ayo okuxhumana ngaphambi koKhetho Lohulumeni Bezindawo lwangowezi-2026.

