Izindaba

Sekugxekwe uthisha osolwa ngokubhaxabula abafundi

ISISUSE umsindo ivideo eveza uthisha wesikole saseMnambithi eshaya abafundi.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke eDr Joseph Tshabalala Secondary School  kanti sesiqubule umsindo njengoba sithathwa njengokwephulwa komthetho owavalwa wokushaywa kwabafundi.

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal isizwakalise ukucasuka ngemuva kokusabalala kwale video ekhombisa uthisha eshaya abafundi abathathu ezinkundleni zokuxhumana.

I-DA ichaze lesi sigameko “njengokwephulwa ngokuphelele komthetho, uMthethosisekelo, nayo yonke imigomo yokuvikela nesithunzi sezingane.” 


Iqembu likugcizelele ukuthi iSouth African Schools Act kanye neChildren’s Act iyakwenqabela ngokusobala ukushaywa ezikoleni.


“Othisha baphathiswe umsebenzi wokunakekela – hhayi udlame – kubantu abasha ababekwe ezandleni zabo,” kusho isitatimende seDA.


I-DA inxuse uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, noMnyango wakhe ukuthi balusukumele ngokushesha.