Umunyu emngcwabeni womshayeli owabulawa ngesihluku
SEBEQALILE ukutheleka abantu enkonzweni yomngcwabo yomshayeli wemoto encane ethutha abantu owadutshulwa washiswa eMaponya Mall eGauteng ngenyanga edlule.
UMthokozisi Mvelase (27) wasoLundi, wabulawa ngesihluku ngesikhathi ehlaselwa ehleli emotweni yakhe wadutshulwa waphinde washiswa.
Lokhu kwenzeka kusaphele izinsuku ezimbalwa eqale ukusebenza ethutha abantu.
Ukufa kwakhe kukholakala ukuthi kuhlobene nombango wokuthutha abantu ohakathi kwabemboni yamatekisi nabe-e hailing.
Kulo mngcwabo kulindeleke izinkumbi zabantu nokubalwa nezikhulu zikahulumeni ukuzoduduza umndeni.

