Baboshwe bematasa belayisha amakhebuli ebiwe
KUBOSHWE abalisa abahlanu ababhadanywe belayisha elolini amakhebuli ethusi elibiza izigidi zamarandi ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal.
Ngokombiko we-eNCA abasolwa ababoshiwe kukholakala ukuthi bangabokudabuka ePakistan.
Abanye abaningana bagcwele amathafa, futhi kusathungathwa.
Leli qembu lezigebengu kuthiwa belilayisha lezi zinto ezebiwe emalolini amabili endaweni yokugcina impahla e-Illovo ngenhloso yokuyiyisa ngaphandle kwedolobha.
Imininingwane yophenyo iveza ukuthi lamakhebuli amakhebuli angaphansi kukaMasipala weTheku.

