Izindaba

Isiphinde yaboshelwa elinye icala inkosi yakwaNxamalala

ISIPHINDE yaboshelwa elinye icala lokubulala inkosi yesizwe sakwaNxamalala esolwa ngokubulala abantu ababili okuhlanganisa nekhansela leDemocratic Alliance (DA).

USimphiwe Zuma kumanje ugqigqa izinkantolo ngamacala amabili okubulala ngemuva kophenyo olwenziwa yithimba lamaphoyisa KwaZulu-Natal.

Ukuboshwa kukaZuma kwakamuva kungenxa yophenyo oluyingxenye yamadokodo angu-121 ethimba elijutshiwe asanda kubuyiselwa kulolu phiko ukuze aphenywe athinta ukubulala kwezepolotiki.

Umbiko we-Eyewitness News uthi uphiko lwamaphoyisa lubophe uZuma ngempelasonto ngecala lokubulala owesilisa eHowick ngo-2022.

Kumanje uZuma usolwa ngokubulala abantu abathathu okukhona kubo uSotswebhu weDA Umngeni kumasipala uMnuz Nhlalayenza Ndlovu nenduna uQalokunye Zuma.

Induna yadutshulwa yabulawa ngo-2023, kwathi uNdlovu wabulawa ngawo lowo nyaka.

Khonamanjalo, uZuma uzobuyela eNkantolo yeMantshi yaseHowick ukuyolalela ibheyili ecaleni likaNdlovu.