Izindaba

Kufe obemataniswa nokubulawa kukathishanhloko waseMsinga

UDUTSHULWE ngamaphoyisa umsolwa omataniswa necala lokubulala uthishanhloko eMsinga, KwaZulu-Natal.

Umsolwa ubulawe esigamekweni sokudubulana eSoweto ngeSonto ntambama.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe uphiko lwamaphoyisa, neNational Intervention Unit (NIU) lulandele umsolwa obefunwa uthuli omataniswa necala lokubulala uthishanhloko uZwelabantu Zuma.

UZuma wadutshulwa wabulawa ehhovisi lakhe ngo-2020.

“Umsolwa, (40) ubefunelwa amanye amacala, okubalwa awokuduna imoto kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.”

UMathe uthe abasolwa bake baboshwa phambilini, icala lahoxiswa enkantolo.

Uthe umphenyi “ongaphenduki” wakwaSaps wethule ubufakazi obusha phambi kwenkantolo, kwakhishwa nencwadi egunyaza ukuboshwa kwe-J50 yomsolwa.

“NgeSonto ntambama amalungu e-NIU alandele umsolwa ehostela eMapetla, eSoweto, ngesikhathi umsolwa ebona ukuthi kukhona amaphoyisa, waqala ukudubula, abe-NIU baphindisela ngenhlamvu, wamlimaza.

“Abanye abasolwa ababili ecaleni lokubulala uMnu Zwelabantu Zuma sebedonsa odilikajele ababili, ababili bashona ngaphambi kokuqulwa kwecala. Omunye umsolwa osaboshiwe kuleli cala, amaphoyisa asathungatha umsolwa osele,” kusho uMathe.