Kugxekwe umsakazi ngokufequza emgwaqeni
I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) isigxeke umsakazi weJozi FM nomngani wakhe ngokufequza emgwaqeni.
Kwi-video esabalalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala lo msakazi uPenny Ntuli nomngani wakhe befequza eceleni komgwaqo ophithizelayo.
Lesi senzo esigxekiwe nesichazwe njengesingase siphazamise abashayeli futhi sibeke abashayeli kanye nabo engozini.
Nakuba enogazi kubantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana kodwa baningi abamgxekile ngalesi senzo sakhe.
UPenny ubalwa nabasazi abanogazi kuleli kanti njengamanje uyibambe kwiJozi FM eGauteng.
Kwenzeka lokhu nje, iNIngizimu Afrika ibalwa namazwe abezingozi zomgwaqo eziningi ngendlela exakile.

